-
H. Gcabashe started the topic ISIZULU FAL-IBANGA LESI-8-AMANOTHI NOMSEBENZI-26/06/2020-AMABIZOMVAMA,AMABIZOQHO in the forum IsiZULU FAL Grade 08 3 years, 10 months ago
Amabizomvama: lawa amabizo ezinto eziphefumulayo kodwa angehlukanisi ngobulili. Amabizo ezinto zemvelo,esivamisile noma esijwayele ukuwasebenzisa.
Izibonelo:
inkukhu, inja,ingane njll.Amabizoqho: lawa amabizo okubizwa ngawo abantu, izibongo zabantu,amagama ezindawo, amagama emifula, amagama ezintaba,amagama ezinyanga zonyaka,amagama ezinsuku…[Read more]
-
H. Gcabashe started the topic ISIZULU FAL-IBANGA LESI-10-AMANOTHI NOMSEBENZI-26/06/2020-IZIFENGQO in the forum IsiZULU FAL Grade 10 3 years, 10 months ago
Izifengqo
1. Isifaniso- lapha kufaniswa izinto ezimbili ezingefani ncamashi kepha ezinezimpawu ezithile ezicishe zifane.
– Kusetshenziswa izakhi zesifaniso: njenga,njenge,njengo,nganga,ngange,ngange,kuhle-kwa,kuhle-kwe,okwa-,okwe-.Izibonelo:
1.1 Ubaba unolaka okwebhubesi.
1.2 Udelela njengo mfowabo.2. Isingathekiso- lapha kufaniswa izinto…[Read more]
-
H. Gcabashe started the topic ISIZULU FAL-IBANGA LESI-10-AMANOTHI NOMSEBENZI-24/06/2020-IZINKATHI ZESENZO in the forum IsiZULU FAL Grade 10 3 years, 11 months ago
Izinkathi zesenzo
– Lapha sibheka ubudlelwano phakathi kwesikhathi okukhulunywa ngaso kanye nesikhathi into eyenzeke ngaso.
– Umqondo womusho uyasivezela inkathi.
– Isilandiso siveza inkathi into eyenzeke ngaso.Izinhlobo zezinkathi zesenzo:
1. Inkathi yamanje- ikhomba okwenzeka ngaleso sikhathi okukhulunywa ngaso.
Izibonelo:
1.1 Bayabhala-…[Read more] -
H. Gcabashe started the topic ISIZULU FAL-IBANGA LESI-9-AMANOTHI NOMSEBENZI-23/06/2020-OMENZIWA BEYIZINHLOKO in the forum IsiZULU FAL Grade 09 3 years, 11 months ago
Imisho lapho omenziwa beba yizinhloko zemisho.
– Lapha umenziwa uyayishintsha indawo,abe ngasekuqaleni komusho.
– Ukuba kwakhe ekuqaleni komusho akumuphuci amandla akhe okuba umenziwa.
– Umenziwa noma esesekuqaleni komusho uyaqhubeka abe umenziwa aphinde abe inhloko bese simbiza ngenhloko ewumenziwa.
– Isenzo asibe sisaba njengoba kade…[Read more] -
H. Gcabashe started the topic ISIZULU FAL-IBANGA LESI-8-UMSEBENZI-24/06/2020-UMDLALO in the forum IsiZULU FAL Grade 08 3 years, 11 months ago
Funda umdlalo olandelayo bese uphendula imibuzo ezolandela.
Uzongibona sengimdala
UZethembe : Angive ngikuthanda ukusebenza epulazini,ukulima,imfuyo,uma nje ngisepulazini kuvele kube sengathi impilo yonke iphelele,angilambi ngisho ukulamba.
UKhanyi. : Awu! Waze washo into engafani nawe,impela abantu abafani. Ukulima mina angikufuni nalapho…[Read more]
-
H. Gcabashe started the topic ISIZULU FAL-IBANGA LESI-11-UMSEBENZI-24/06/2020-UMSEBENZI WEZAGA in the forum IsiZULU FAL Grade 11 3 years, 11 months ago
Faka izenzo ezifanele kulezi zaga ukuze zizwakale kahle.
Khetha kulezi ozinikeziwe: elisuka, ayihlabi,igudla,yeswela,hamba,ikhotha,isina)1. Imbuzi …….. iguma.
2. ……. juba bayokuqhutha phambili.
3. ……. ngakumisa.
4. ……. muva liyabukwa.
5. Ithendele ……. muva likholwa izagila.
6. …….. eyikhothayo engayikhothi…[Read more] -
H. Gcabashe started the topic ISIZULU FAL-IBANGA LESI-11-UMSEBENZI-24/06/2020-UMSEBENZI WEZAGA in the forum IsiZULU FAL Grade 11 3 years, 11 months ago
Faka izenzo ezifanele kulezi zaga ukuze zizwakale kahle.
Khetha kulezi ozinikeziwe: elisuka, ayihlabi,igudla,yeswela,hamba,ikhotha,isina)1. Imbuzi …….. iguma.
2. ……. juba bayokuqhutha phambili.
3. ……. ngakumisa.
4. ……. muva liyabukwa.
5. Ithendele ……. muva likholwa izagila.
6. …….. eyikhothayo engayikhothi…[Read more] -
H. Gcabashe started the topic ISIZULU FAL-IBANGA LESI-11-AMANOTHI-22/06/2020-IZAGA in the forum IsiZULU FAL Grade 11 3 years, 11 months ago
Yini izaga?
– Zingamazwi ahlakaniphileyo,ajiyile,ajulile,athula amaqiniso kodwa ngendlela engagaguli.
– Zingamazwi afingqa inkulumo ngokusebenzisa amagama anembayo.
– Zethula amaqiniso angephikiswe ngobuntu,indalo kanye nokuziphatha.
– Ziyafundisa ngokuthile umuntu okufanele akwenze nokungafanele akwenze.
– Ziwumusho ophelele ongazimela,unikeze…[Read more] -
H. Gcabashe started the topic ISIZULU FAL-IBANGA LESI-8-AMANOTHI-22/06/2020-UMDLALO in the forum IsiZULU FAL Grade 08 3 years, 11 months ago
Yini umdlalo?
– Umdlalo yindaba esuke ibhalwe ukuze abadlali bayidlale eshashalazini. Ishashalazi indawo enjengesiteji lapho kudlalwa khona imidlalo.
– Lapha abadlali bayaxoxa,bephendulana,benikezana ithuba. Kuba khona nokuthile abakwenzayo.
– Umdlalo ulingisa impilo,ukhuluma ngezinto ezejwayelekile.
– Labo abaxoxayo sibabiza ngabadlali ngoba…[Read more] -
H. Gcabashe started the topic ISIZULU FAL-IBANGA LESI-9- AMANOTHI NOMSEBENZI-22/06/2020-IMISHO in the forum IsiZULU FAL Grade 09 3 years, 11 months ago
Imisho ibuye ihlelwe ihlukaniswe kanje:
1. Umusho oqondile- umusho onesilandiso esisodwa.
Izibonelo:
1.1 Umfana uyapheka. (Inhloko nesilandiso)
1.2 Umfana upheka imfino. (Inhloko,isilandiso,umenziwa)
1.3 Unfana uphekela ugogo imfino. (Inhloko, isilandiso,umenziwa omkhulu nomncane)2. Imisho embaxa- wakhiwe ngemisho eqondile emibili noma…[Read more]
-
H. Gcabashe started the topic ISIZULU FAL-IBANGA LESI-10-INDABA EMFUSHANE-22/06/2020-ITOYITOYI in the forum IsiZULU FAL Grade 10 3 years, 11 months ago
Funda indaba emfushane elandelayo bese uphendula imibuzo ezolandela
ITOYITOYI
Alibeke phansi iphephandaba uMehlwenkunzi. Anikine ikhanda. Athi ukumonyozela. Abuke uNgcobo omi lapha phambi kwakhe. Uyahefuzela. Ubuye ekhwehlele aze abambe lapha esifubeni. Bese etui ukumonyozela naye ngamahlonyana. Abheke phansi kancane,ahlikihle izandla zakhe…[Read more] -
H. Gcabashe started the topic ISIZULU FAL-IBANGA LESI-11-UKUBHALA NOKWETHULA-19/06/2020-UMZAMO WOKUQALA in the forum IsiZULU FAL Grade 11 3 years, 11 months ago
Phinda ufunde amanothi endaba echazayo esawafunda mhlaka 15/06/2020 bese uthatha le ndaba ozibhalele yona wenze lokhu okulandelayo.
1. Funda indaba yakho.
2. Bheka ukuthi uyilandele yonke yini imigomo yendaba echazayo.
3. Lungisa amaphutha olimi.
4. Thatha isichazamazwi usisebenzisele ukufaka ulimi olunothile olunjenge zaga kanye nezisho.
5.…[Read more] -
H. Gcabashe started the topic ISIZULU FAL-IBANGA LESI-9-UBUNKONDLO-19/06/2020-UBUMNANDI BEKHAYA in the forum IsiZULU FAL Grade 08 3 years, 11 months ago
Funda inkondlo elandelayo bese uphendula imibuzo ezolandela.
Ubumnandi Bekhaya
Ungahamba uwuqede umhlaba
Ukhangwa ubukhazikhazi bawo
Udidek’ikhanda udele ikhaya
Uzikhohlise uzibone usungcono
Usundizela phezulu kwelenyoni
Kepha ikhaya limi njalo.Ikhaya liyizinto zonke
Alibandlululi futhi linemfudumalo
Lingumxazululi wezinkinga…[Read more] -
H. Gcabashe started the topic ISIZULU FAL-IBANGA LESI-9-ISIFUNDO SOKUQONDISISA-19/06/2020-INDABA in the forum IsiZULU FAL Grade 09 3 years, 11 months ago
Kunzima emigwaqeni
Kwakuhlengezela izinyembezi kubalaleli boKhozi bezwa uCebo elanda ngempilo yakhe engumhambuma emigwaqeni. UCebo omeninyaka eyi-15 usehlale njengondingasithebeni iminyaka eyisi-8 emigwaqeni yaseThekwini. Ubechitha ubusuku nemini,ehla enyuka emigwaqeni ezama ukuziphilisa. “Akulula futhi akumnandi ukuba yingane ehlala emigwaqeni.…[Read more]
-
H. Gcabashe started the topic ISIZULU FAL-IBANGA LESI-8-UMSEBENZI-18/06/2020-IZANDISO ZENDAWO in the forum IsiZULU FAL Grade 08 3 years, 11 months ago
Zikhumbuze izandiso zendawo esizifunde mhlaka 15/06/2020 bese uphendula imibuzo elandelayo.
Umsebenzi
Funda imisho elandelayo bese uguqula amagama akubakaki abe isandiso sendawo (ondaweni)1. Kumele nisize nihambise izingane (umtholampilo).
2. UHulumeni ufakele abantu ompompi ngakho abasezokuya ukuyokha amanzi (umfula).
3. Izingane zisele zodwa…[Read more] -
H. Gcabashe started the topic ISIZULU FAL-IBANGA LESI-10-UMSEBENZI-17/06/2020-UMZAMO WOKUQALA WENDABA in the forum IsiZULU FAL Grade 10 3 years, 11 months ago
Phinda ufundisise amanothi esiwafunde mhlaka 15/06/2020,bese uhlolisisa indaba yakho oyibhalile,ubheke ukuthi uyilandele yonke yini imigomo yendaba eningayo.
Sebenzisa isichazamazwi ukuze uzokwazi ukukhetha kahle amagama ozowasebenzisa,izaga nezisho okuzokwenza indaba yakho ifundeke,ibe mnandi.
INCWADI ESETSHENZISIWE
Mahlangu A.B. Mbhele N.F.…[Read more] -
H. Gcabashe started the topic ISIZULU FAL-IBANGA LESI-11-UMDLALO-17/06/2020-ISIGCAWU SESINE in the forum IsiZULU FAL Grade 11 3 years, 11 months ago
Funda isigcawu sesine esilandelayo bese uphendula imibuzo ezolandela
(Kusemqashweni ekamelweni likaNomcebo. Kuhleli uVusi noNomcebo.UNomcebo uyapheka kanti uVusi uheleli esihlalweni ulinde uZenzile)
NOMCEBO: (Ngomoya ophansi) Kuhamba kanjani kodwa Vusi? Lutho namanje amatoho?
VUSI: (Ngamahloni) Kusemnyama namanje Nomcebo. Akukahlangani…[Read more] -
H. Gcabashe started the topic ISIZULU FAL-IBANGA LESI-9-UMSEBENZI-17/06/2020-IPHOSTA in the forum IsiZULU FAL Grade 09 3 years, 11 months ago
Funda iphosta elandelayo bese uphendula imibuzo ezolandela
MANTOMBAZANE NINGAZITHAMBISI!
Usuku Lukazwelonke Lokuya Nomntwana Wentombazane EmsebenziniVulela ingane yentombazane ithuba lokuzobona okwenziwa emsebenzini wakho ubambe iqhaza ekuthuthukiseni ukulingana ngokobulili.
Amantombazane mawazi ngemisebenzi enhlobonhlobo
Imisebenzi…[Read more] -
H. Gcabashe started the topic ISIZULU FAL-IBANGA LESI-8-AMANOTHI NOMSEBENZI-15/06/2020- IZANDISO ZENDAWO in the forum IsiZULU FAL Grade 08 3 years, 11 months ago
Zikhumbuze isandiso sendawo esasifunda mhlaka 05/06/2020 bese kuzona uthasisele lokhu esizokufunda namhlanje.
IZANDISO ZENDAWO ZIYAQHUTSHWA
– Uma ibizo liqala ngonkamisa ‘u-‘,Lo nkamisa siyamguqula abe ngunkamisa ‘o’. Ekugcineni kwegama sibe sesifaka u ‘-eni’ noma u ‘-ini’.
Izibonelo:
uthi – othini
Udonga- odongweni– Uma kwakhiwa izandiso…[Read more]
-
H. Gcabashe started the topic ISIZULU FAL-IBANGA LESI-11-AMANOTHI NOMSEBENZI-15/06/2020-INDABA ECHAZAYO in the forum IsiZULU FAL Grade 11 3 years, 11 months ago
Indaba Echazayo
– Ukuchaza kukabili,kungaba into esingayibona yenzeka noma kuchazwe into ezimele nje.
– Kokubili kudinga ulimi olulula noluqondile.
– Inhloso yale ndaba ukuchaza into ethile ngokucace bha.
– Ukuchaza ngamagama okuchaza akuhehi, okubalulekile ukuchaza ngendlela elula nenembayo,njengokuchaza isitulo, umakhalekhukhwini. Okunye kungaba…[Read more] - Load More