-
N. Kheswa started the topic IsiZulu HL,Ibanga le-11,Isahluko se-12,Zihlangene Phezulu,3 Ntulikazi 2020. in the forum ISIZULU HL Grade 11 3 years, 9 months ago
UThuthukani uxoxela umngane wakhe uMqondisi ukuthi usethole ucingo olummfuna emali.
-La bantu abathumbe uThembekile bahlangene noLetheni baguna imali kuThuthukani ukuze badedele uLetheni.
-UThuthukani ufuna umngane wakhe amcebise ukuthi enze njani.
-Kanti uThuthukani uzoluthatha kahle lolu daba ngeke alutatazelele naledigebengu esifonile…[Read more]
-
N. Kheswa started the topic IsiZulu HL,Ibanga le-11,Inkundla yesi-5,umdlalo.29 Nhlangulana 2020 in the forum ISIZULU HL Grade 11 3 years, 10 months ago
Lapha sithola uMqapheli emuva kokuthi uNhliziyombi esemtshelile ukuthi ufuna umhlatshelo wegazi lakhe,wanquma ukuyofuna ingane ezintandaneni aziya nayo kuNhliziyombi ayonikela ngayo.
-Wayithola ngokushesha okukhulu ingane ngoba wayenomuntu azana naye.
-Wayithatha ke leyo ngane yomfana eneminyaka elingana neyakhe,wayihambisaenyangeni wafika wathi…[Read more]
-
N. Kheswa started the topic IsiZulu HL,Ibanga le-10,Isahluko -20,enovelini,29 Nhlangulana 2020 in the forum ISIZULU HL Grade 10 3 years, 10 months ago
Bahlukana kanjalo ke uDiliza no Themba emuva kokuba kade bedingida udaba lukaNdebenkulu nezinkomo.
-Wasuka lapho uDiliza waqonda kwaMpungose komunye umngane wabo ongufokise eyombikela lendaba kaNdebenkulu nezinkomo.
-Wafika wamxoxela ke konke okukhulunyiwe emhlanganweni ayesekuzwile ngoba phela yena uDiliza waxoshwa enhlanganweni ngenxa yensini…[Read more]
-
N. Kheswa started the topic IsiZulu HL,Ibanga le-11,Umsebenzi,25 Nhlangulana 2020 in the forum ISIZULU HL Grade 10 3 years, 10 months ago
Bafundi bebanga le-10 ake senzeni nangu umsebenzi.
-Hlaziya indaba yethu eyinoveli ethi Inkinsela yaseMgungundlovu ubhekise kulezi zihlokwana ezilandelayo.
1) Isingeniso
2)Uvuthondaba
3) Isimo senhlalo
4)Isizinda
5)Isifundo esitholakalayo.
-
N. Kheswa started the topic IsiZulu HL,Ibanga le-11,Inkundla yesine,25 Nhlangulana 2020 in the forum ISIZULU HL Grade 11 3 years, 10 months ago
-UMqapheli uphindela kwaNhliziyombi uhambisa izicubu ezazifunwe uyena uNhliziyombi.
-Useyasho ke ukuthi ulethe umphako wakhe njengiba bebevumelene ukuthi uzomlethela.
-Wajabula ke uNhliziyombi uma ebona ukuthi kanti uMqapheli uzimisele ukusebenzisana naye.
-Bese eyancoma ukuthi impela kuzohamba kahle uma ezoqhuba kanjena,emuva kwalokho bese…[Read more]
-
N. Kheswa started the topic IsiZulu HL,Ibanga le-11,Isahluko se-7 Zihlangene Phezulu,24 Nhlangulana 2020 in the forum ISIZULU HL Grade 11 3 years, 10 months ago
-Kulesi sahluko uLetheni ucabanga icebo azobamba ngalo uThembekile emva kokuthi emzwise ubuhlungu obukhulu.
– Ingxabano phakathi kwabo yasuka ngenkathi uLetheni enqaba ukubulala uThuthukani ukuze ezokwazi ukuthola izimali zamafa.
-Inhloso kaThembekile yokuthi kufe uThuthukani ingoba ubengane naye ngakho wayazi kahle ukuthi ingane yakhe ibhaliwe…[Read more]
-
N. Kheswa started the topic IsiZulu HL,Ibanga le-10,Isandiso sendawo /Undaweni,24 Nhlangulana 2020 in the forum ISIZULU HL Grade 10 3 years, 10 months ago
Siyini isandiso sendawo ?
-Uma sikhuluma ngesandiso sendawo noma undaweni sikhuluma ngokufakela isijobelelo u- eni ebizweni lendawo bese kuba undaweni.
-Isib:Isikole – esikoleni
Izingane ezifika kamuva esikoleni ziyaxoshws.Idlelo – edlelweni
Izinkomo zakithi zidla edlelweni.-Shintsha lamabizo alandelayo abe ondaweni,bese wakha…[Read more]
-
N. Kheswa started the topic IsiZulu HL,Ibanga le-10,Isahluko se-16-17,Inoveli,22 Nhlangulana 2020. in the forum ISIZULU HL Grade 10 3 years, 10 months ago
-Abantu base Nyanyadu basakhuluma ngale ndaba yomhlangano kaNdebenkulu,abanye bayayikholwlwa abanye abayizwa kahle indaba yokudayiswa kwezinkomo zawo.
-Kuthe kusenjalo kwafika isigijimi kwaMkhwanazi iphoyisa lakomkhulu,lafika ligijima ngehhashi lithunywe inkosi ukuthi izobiza uMkhwanazi afike noMnu.Ndebenkulu ukuze azozwa ngale ndaba yzinkomo…[Read more]
-
N. Kheswa started the topic IsiZulu Hl Ibanga le-11,Inkundla yesithathu,22Nhlangulana 2020 in the forum ISIZULU HL Grade 11 3 years, 10 months ago
Namuhla sizoqhubeka nomdlalo wethi Inzima le ndlels.
-Kule nkundla uMqapheli useyabuya ke kwaNhliziyombi ufika nokho konke sekumi mgomumo emabhizinisini.akhe noSakhile obenikwe amabhuku ukuba awabheke isikhashana engekho uMqapheli,kubonakala ewaphathe kahle ngoba konke kuyabhalansa emabhukwini.
-Kuthi kusenjalo kufone uNhliziyombi ufuns umnikelo…[Read more]
-
N. Kheswa started the topic IsiZulu HL,Ibanga le-10,Usuku :19 Nhlangulana 2020,Umsebenzi. in the forum ISIZULU HL Grade 10 3 years, 10 months ago
Bafundi bebanga le-10 ,nangu umsebenzi.
-Chaza laba balingiswa abalandelayo abatholakala endabeni yethu ethi ‘Inkinsela YaseMgungundlovu’
1) UMaNtuli
2) UCele
3) UMkhwanazi
4) UThemba
5) MaShezi.
-Bhala imisho emihlanu umlingiswa ngamunye ukusekela impendulo yakho.
-
N. Kheswa started the topic IsiZulu HL,Ibanga le-11,Umsebenzi,19 Nhlangulana 2020 in the forum ISIZULU HL Grade 11 3 years, 10 months ago
Bafundi bebanga le-11 nangu umsebenzi.
Kule ndaba yathu ethi Zihlangene phezulu khipha isizinda sendaba kulezi zihloko ezilandelayo ,Empendulweni yakho ucaphune nasendabeni ukusekela izimpendulo zakho.
1) Indawo
2) Isikhathi
3) Isimo senhlalo
Lolu uhlobo lombuzo omude ngakho ke kubalulekile ukuwuphendula ngokugcwele.
-
N. Kheswa started the topic IsiZulu HL,Ibanga le-11,Isahluko se-6,17 Nhlangulana 2020. in the forum ISIZULU HL Grade 11 3 years, 10 months ago
Ukusa kwabonwa uThuthukani eya lapjo kwakulele khona uLetheni eyomxosha ngoba nje akasamdingi emxini wakhe.
-Wafika kanti uLetheni usemlindele ngabomvu.Bathathana ke ngamazwi baye baphonsana eweni.
-Kuyilapho akekho ozibeke phansi uThuthukani ugalela ziyaphuka ngapha uma efika kuLetheni zigawulwe zabekwa.
-Baxabane aze agobe uphondo uLetheni…[Read more]
-
N. Kheswa started the topic IsiZulu HL,Ibanga le-10,Isahluko se-14,Usuku :17 Nhlangulana 2020 in the forum ISIZULU HL Grade 10 3 years, 10 months ago
Bafundi bebanga le-10,namhlanje sizobheka isahuko sesihlanu.
-Umhlangano uyaqhubeka esikoleni lapho uNdebenkulu echazela khona umphakathi wase Nyanyadu ngosizo azobasiza ngalo mayelana nokuphungulwa kwezinkomo
-UBulethelezi naye ke waphakama wazwakalisa uvo lwakhe,encoma nokuthi uNdebenkulu unomusa kakhulu ngokuthi akhethe ukuzosiza indawo…[Read more]
-
N. Kheswa started the topic IsiZulu HL,Ibanga le-11,Amanothi,15 Nhlangulana 2020 in the forum ISIZULU HL Grade 11 3 years, 10 months ago
Bafundi bebanga le-11 ake sibheke isizinda senda ba eyinoveli.
-Yini isizinda ?
-Lapha sibheka indaba yethu ukuthi yenzeka kanjani ngaphansi kwezihloko ezintathu.
1)Indawo
2) Isikhathi
3) Isimo senhlalo
-Sizoqala sibheke indawo,uma sikhuluma ngendawo sibheka ukuthi ngabe indaba yenzeka endaweni yasemakhaya noma endaweni yasedolobheni na.…[Read more]
-
N. Kheswa started the topic IsiZulu HL,Ibanga le-10,Umsebenzi,15 Nhlangulana 2020 in the forum ISIZULU HL Grade 10 3 years, 10 months ago
Bafundi bebanga le-10 nangu umsebenzi omayelana nobulili.
Fakela amagama afanele ezikhaleni.
Ukwehlukanisa Isilisa isifazane
Umuntu Indoda Inkosikazi
Inja Ichalaha ——
Imbuzi ——- Imbuzikazi
Inkukhu ——- ——–
Inkomo Inkunzi ——–
Imvu…[Read more]
-
N. Kheswa started the topic Ibanga le-11,IsiZulu HL,Umsebenzi,10 Nhlangulana 2020 in the forum ISIZULU HL Grade 11 3 years, 10 months ago
Bafundi bebanga le-11,asibhaleni nangu umsebenzi omayelana nomdlalo wethu othi Inzima le ndlela
-Chaza laba badlali abalandelayo ukuthi baluqhuba kanjani udweshu olubhebhetheka kulo mdlalo.
1.UMqapheli
2.UMagqubu
3.UNhliziyombi
-Ezimpendulweni zakho caphuna izehlakalo endabeni ukusekela impendulo yakho.
-
N. Kheswa started the topic IsiZulu HL,Ibanga le-10,Umsebenzi-Inoveli. in the forum ISIZULU HL Grade 10 3 years, 10 months ago
Bafundi bebanga le-10 nangu umsebenxi.
1.Chaza kafishane ukuthi yini imbangela eyenza uThemba angamthembi uNdebenkulu.
2.Isimo sokukhuluma encwadini eyaphuma ephephandebeni esithi ‘Qaphela Zulu ‘ sikwelekelela kanjani ukuqonda inhlose kaNdebenkulu ngokuza eNyanyadu ?
3.Ngabe uyavumelana noThoko uma ethi ‘Imali impela ingusathane’sekela…[Read more]
-
N. Kheswa started the topic IsiZulu HL,Ibanga le-10,Isahluko se -13 inoveli,8Nhlangulana 2020. in the forum ISIZULU HL Grade 10 3 years, 10 months ago
Bafundi bebanga le-10 asiqhubekeni nokuchaza indaba yethu.
Namhlanje sizobheka isahluko se-13.
-Namhlanje usuku lomhlangano obizwe uNdebenkulu endaweni yade Nyanyadu.
-Isikhathi sokuqala komhlangano umiselwe ihora leshumi ekuseni.
-Abantu basemakhaya abanandaba nesikhathi ,baqala bavuka ekuseni baziyela emisebenzini yabo yosuku ,uma bebuya…[Read more]
-
N. Kheswa started the topic IsiZulu HL,Ibanga le-11,Ukuhluzwa kwesitanza sokuqala.8Nhlangulana 2020 in the forum ISIZULU HL Grade 11 3 years, 10 months ago
Bafundi bebanga le-11 asihluzeni inkondlo isitanza sokuqala enkondlweni enesihloko esithi Okwami nawe.
-Sizohlaziya isitanza ngasinye.Namhlanje senza isitanza sokuqala.
1.Yeka mina nawe singumthala nesicubu
Umbhali uchaza ukuthi ukhumbula ngesikhathi besazwana kakhulu.2.Ngenhliziyo sibumba amancoko
Umbhali uchaza ukuthi babehlezi becabangana…[Read more] -
N. Kheswa started the topic IsiZulu HL,Ibanga le -10,Usuku :05 Nhlangulana 2020,Isahluko se-11 Inoveli in the forum ISIZULU HL Grade 10 3 years, 10 months ago
-Bagundi bebanga le-10,namuhla sibheka isahluko se-11.
-Kulesi sahluko uNdebenkulu usefikile eNyanyadi emzini kaMkhwanazi wabona ukuthi impela wamukeleke ngezandla ezimhlophe ngoba uze wahlatshiswa imbala.
-Ngakusasa ngosuku lwangeSonto,bavuke balungiselele ukiya esontweni abantu bakwaMkhwanazi naye uMnu m.akhombise isasasa lokiya esontweni…[Read more]
- Load More